IDurood Ekalwa Ngokugcwele Phama

عن أبي هريرة رضي الله عنه قال قال رسول الله صلى الله عليه وسلم من سره أن يكتال بالمكيال الأوفى إذا صلى علينا أهل البيت فليقل اللهم صل على محمد النبي الأمي وأزواجه أمهات المؤمنين وذريته وأهل بيته كما صليت على آل إبراهيم إنك حميد مجيد (سنن أبي داود، الرقم: ٩٨٢، وسكت عليه هو والمنذري في مختصره، الرقم: ٩٨١)

UHadhrat Abu Hurayrah (radhiyallahu ‘anhu) ubika ukuthi uRasulullah (sallallahu alaihi wasallam) wathi, “Lowo ofisa ukuthi idurood yakhe ikalwe ngesikali esigcwele (athole umhlomulo ophelele) uma esho idurood kithi thina bahlali bendlu ka Allaah Ophakeme (Ahlul Bayt), makasho le durood:

اَللّٰهُمَّ صَلِّ عَلٰى مُحَمَّدٍ النَّبِيِّ الْأُمِّيِّ وَأَزْوَاجِهِ أُمَّهَاتِ الْمُؤْمِنِيْنَ وَذُرِّيَّتِهِ وَأَهْلِ بَيْتِهِ كَمَا صَلَّيْتَ عَلٰى آلِ إِبْرَاهِيْمَ إِنَّكَ حَمِيْدٌ مَجِيْدٌ

O Allaah dlulisa imikhonzo ku Muhammad (sallallahu ‘alaihi wasallam), uMprofethi ongafundile; kumakhosikazi akhe, omama bamakholwa; kwinzalo yakhe nakubo bonke abendlu yakhe, njenganalokho wadlulisa imikhonzo kumndeni ka Ibrahim (alahis salaam), Allah ngempela Ufanelwe ludumo lonke, Uphakeme.

Isigameko Samashumi Amabili Nantathu – Indlela Yokuba Seduze No Allah Ophakeme

UKa’b Ahbaar (rahimahullah) (wayengomunye wamaJuda afundile engakamukeli i Islam) uthi :

UAllaah Ophakeme wathi ku Moosa (alahis salaam), ” O Moosa, uyafisa yini ukuba seduze nami, ukwedlula ubuduze bamazwi akho nolimi, noma injula yemizwa yakho nenhliziyo, noma ukwedlula ubuduze bomphefumulo nomzimba, noma ukwedlula ubuduze bokubona namehlo? UMoosa (alahis salaam) wavuma. UAllaah Ophakeme wathi, ” Haya ngobuningi imikhonzo ku Muhammad (sallallahu ‘alaihi wasallam)”. (Al Qawlul Badee, Pg,270)

About admin

Check Also

Ukusho IDurood kashumi Ekseni Nantambama

عن أبي الدرداء رضي الله عنه قال: قال رسول الله صلى الله عليه وسلم: من …