Izimfanelo Ezika Muazzin 

1. UMuazzin kumele kube umuntu wesilisa.
2. Kumele abe nomqondo ophelele.
3. Kumele abe neminyaka yokuqonda izinto. IAzaan yengane engakafiki emnyakeni wokuqonda izinto ayivumelekile.
4. Kumele akwazi ukusho amagama eAzaan ngendlela efanele.
5. Kumele abe nolwazi lezikhathi zeSalaah.
6. Kumele abe inceku futhi abe umuntu oqotho.

عن ابن عباس رضي الله عنهما قال قال رسول الله صلى الله عليه وسلم ليؤذن لكم خياركم وليؤمكم قراؤكم (سنن أبي داود ، الرقم: 590)

UHazrat Ibnu Abbaas ubika ukuthi uHazrat Rasulullah (sallallahu alayhi wasallam) wathi, “Umuntu omuhle kakhulu (ngezenzo) phakathi kwenu okumele aqokwe ukuthi asho iAzaan, futhi omuntu omuhle kakhulu (ngoku haya iKuraan) phakathi kwenu (kuchaza ukuthi onolwazi oluphelele ngoku haya nezimifanelo zeSalaah) okumele anihole kwiSalaah.”

About admin

Check Also

Indlela EyiSunnah Yokusho IIkaamah

1. Yisho iIkaamah ngeHadr (ngokusho amagama ngendlela esheshayo). عن جابر رضي الله عنه أن رسول …