Indlela EyiSunnah Yokusho IAzaan

1. Kumele ube nesqiniseko sokuthi inhloso yakho yokusho iAzaan eyokujabulisa uAllah kuphela.

عن ابن عباس رضي الله عنهما أن النبي صلى الله عليه وسلم قال من أذن سبع سنين محتسبا كتبت له براءة من النار (سنن الترمذي، الرقم: 206)

UHazrat Ibnu Abbaas (radhiyallahu anhuma) ubika ukuthi uHazrat Rasulullah (sallallahu alayhi wasallam) wathi, “Umuntu osho iAzaan iminyaka eyisikhombisa ngobuqotho nethemba lokuthola izibusiso uthola isiqiniseko senkululeko yasemlilweni waseJahannam.”
2. Kumele iAzaan ishiwo ngesikhathi esifanelekile.

عن أبي محذورة رضي الله عنه قال قال رسول الله صلى الله عليه وسلم أمناء المسلمين على صلاتهم وسحورهم المؤذنون (السنن الكبرى للبيهقي، الرقم: 1999)

UHazrat Abu Mahzoorah (radhiyallahu anhu)ubika ukuthi uHazrat Rasulullah (sallallahu alayhi wasallam) wathi, “Abaphathi bamaMuslim mayelana neSaalah neSehri oMuazzin(kuchaza ukuthi oMuazzin banomkhandlu wokwazisa amaMuslim ngezikhathi ezifanelekile zeSalaah neSehri).”
3. IAzaan kumele ishiwo ngaphandle kweMasjid, futhi indawo ephakeme iyona ekhethekile ukuze izwi lizofikela kude.

عن عروة بن الزبير عن امرأة من بني النجار قالت كان بيتي من أطول بيت حول المسجد وكان بلال يؤذن عليه الفجر فيأتي بسحر فيجلس على البيت ينظر إلى الفجر فإذا رآه تمطى ثم قال اللهم إني أحمدك وأستعينك على قريش أن يقيموا دينك قالت ثم يؤذن قالت والله ما علمته كان تركها ليلة واحدة تعني هذه الكلمات (سنن أبي داود، الرقم: 519)

UHazrat Urwa bin Zubair(rahmatullah alayh) ubika ukuthi omunye owesifazane osuka esizweni seBanu Najjar uthi, “Umuzi wami wawuphakeme kunayo yonke imizi eduze kweMasjid, uHazrat Bilaal (radhiyallahu anhu) waye kade ejwayele ukusho iAzaan yeFajr ngaphezu kuwo umuzi wami. Wayejwayele ukufika ngesikhathi seSehri ahlale ngaphezulu kophahla lwendlu yami, abeke isbhakabhaka alinde ukuze kungene isikhathi seFajr. Uma ngenkathi esebona ukuthi isikhathi singenile, waye kade ejwayele ukuzilula (ngenxa yokuhlala isikhathi eside elinde ukuthi isikhathi seFajr singene) bese esho leDu’a elandelayo, ‘O Allah, ngiyakudumisa ( ngoku nginika ithuba lokuthi ngisho iAzaan) nicely usizo lakho futhi ngicela ukhombise iKuraish indlela (umndeni kaRasullulah (sallalahu alayhi wasallam) ongakabi amaMuslim) yeIslam ukuze bezokwazi ukuphakamisa inkolo yakho (emhlabeni).”‘ Lo owesifazane wase ephinda ethi, “Wase esho iAzaan, futhi ngiyafunga ngegama likaAllah angikaze ngikhumbule eshiya ukusho leDu’a nangosuku olulodwa (iDu’a yakhe ekade eyenzela iKuraish).”

About admin

Check Also

Indlela EyiSunnah Yokusho IIkaamah

1. Yisho iIkaamah ngeHadr (ngokusho amagama ngendlela esheshayo). عن جابر رضي الله عنه أن رسول …