Ukususa inhlupheko

وعن سمرة السوائي والد جابر رضي الله عنهما قال: كنا عند النبي – صلى الله عليه وسلم – إذ جاءه رجل فقال يا رسول الله ما أقرب الأعمال إلى الله قال صدق الحديث وأداء الأمانة، قلت يا رسول الله زدنا قال صلاة الليل وصوم الهواجر قلت يا رسول الله زدنا قال كثرة الذكر والصلاة علي تنفي الفقر قلت يا رسول الله زدنا قال من أم قوماً فليخفف فإن فيهم الكبير والعليل والصغير وذا الحاجة (معرفة الصحابة لأبي نعيم، الرقم: 3572، وسنده ضعيف كما في القول البديع صــ 278)

UHazrat Samura Suwaai (radhiyallahu anhu), ubaba kaHazrat Jaabir ( radhiyallahu anhu) ubika ukuthi uthi: Ngelinye ilanga sasihleli noRasulullah (sallallahu alayhi wasallam) ngenkathi kufike omunye umlisa kuRasullulah wase ebuza, “O Rasulullah (sallallahu alayi wasallam)! esiphi isenzo esithandekile kuAllah? URasullullah wase ethi, “Inkulumo eyiqiniso nokufeza izethembiso.” Ngase ngithi, “O Rasulullah (sallallahualayhiwasallam)! seluleke ngokunye futhi (ngezenzo ezijabulisa uAllah), uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam ) wathi, “ukwenza iSalaah yakho ebusuku nokuzila ezinsukwini ezishisayo. Ngaphinde ngathi, “O Rasulullah (sallallahu alayhi wasallam) sicela useluleke futhi!” URasulullah wathi, “ukwenza iZikar eniningi nokuthumela iDurood kimi kususa ukuhlupheka.” Wase ethi uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam), “Umuntu ohola abantu kwiSalaah kumele enze iSalaah emfishane, ngoba phakathi kwebandla kunabagugile, abagulayo, nezingane futhi nabantu abanezidingo.”
Ukubisiswa Ngezingubo ZaseJannah
UHazrat Sufyaan bin Uyainah (rahmatullah alayh) ubika ukuthi uKhalaf wathi:
Ngangi nomngane esasifunda naye amaHadeeth. Emuva kokushona kwakhe, ngase ngimbona ephupheni ezizulela egqoqe izingubo ezikuhlaza ngombala. Ngase ngimbuza, “Sasifunda amaHadeeth ndawonye, yini ekwenze wafikela kulesikhundla esiphezulu senhlonipho?” wase ephendula ethi, “yebo, sasibhala amaHadeeth ndawonye kodwa njalo uma ngangihlangana negama elikaRasullullah (sallallahu alayhi), ngangibhala u(sallallahu alayhi wasallam) ngaphansi. Endaweni yalesenzo uAllah wanginika lesiskhundla osibonayo.” (AlQawlul Badee pg. 486)

About admin

Check Also

Ukusho IDurood kashumi Ekseni Nantambama

عن أبي الدرداء رضي الله عنه قال: قال رسول الله صلى الله عليه وسلم: من …