Ukuthola Intethelelo kaHazrat Rasulullah (sallallahu alayhi wasallam)

عن أبي الدرداء قال: قال رسول الله صلى الله عليه وسلم: من صلى علي حين يصبح عشرا وحين يمسي عشرا أدركته شفاعتي يوم القيامة (رواه الطبراني بإسنادين وإسناد أحدهما جيد ورجاله وثقوا كذا في مجمع الزوائد، الرقم: 17022)

UHazrat Abu Darda (sallallahu alayhi wasallam) ubika ukuthi uHazrat Rasulullah (sallallahu alayhi wasallam) wathi “Umuntu osho iDurood kimi izihlandla eziyishumi ekuseni aphinde athumele iDurood kimi kashumi ebusuku, uyothola intethelelo yami ngosuku lokwahlulela.”

Ukusho IDurood Eniningi Kakhulu
UHazrat Abu Nuaim (rahmatullah alayh) ubika ukuthi uHazrat Sufyaan Thawri wathi:
Ngelinye ilanga ngangiphuma emzini wami iso lami lawela komunye umfanyana okade esho leDurood اَللّٰهُمَّ صَلِّ عَلٰى مُحَمَّدٍ وَّعَلٰى آلِ مُحَمَّدٍ ngaso sonke isnyathelo akade esithatha. Ngase ngimbuza, “Bukhona yini ubufakazi balesenzo sakho (noma uzenzela ngokwakho)?” Wase engibuza, “Ungubani wena?” Ngaphendula, “Ngingu Sufyaan Thawri.” Wase engibuza, “USufyaan wase Iraq?” ngavuma.
Wase ebuza, “Uyakwazi ukubona amandla aAllah?” Ngavuma. Wase ebuza, “Ukuthole kanjani lokho?” Ngase ngithi, “Uye okwazi ukuhlukanisa imini nobusuku nobusuku nemini, uye okwazi ukusongoza ingane isasesibelethweni samawayo.” Wase ethi, “Ngempela wena awakakowaboni amandla aAllah.”
Ngase ngimbuza, “wena uwabone kanjani?”. Waphendula wathi, “Ngifike ngibe nenhloso yokwenza into ngigcine sekufanele ngiyishiye phansi. Ngifike ngiqala into ngibone sengihluleka ukuyiqedela. Ngalokhu ngibone ukuthi kukhona ophethe izinhlelo zami.”
Ngasengimbuza ngalesenzo sakhe sokusho iDurood ngaso sonke isnyathelo asthathayo. Wathi, “Ngake ngaba nohambo lweHajj nomawami, wase eshona umawami kuloluhambo. Ngokshona kwakhe, ubuso bakhe bashintsha umbala kwase kuqumba ngisho nesiso sakhe, ngase ngibona ukuthi kunesono esikhulu asenzile.
“Ngathi ngisaphakamisa izandla zami ngizibhekisa esibhakabhakeni ukuthi ngenze iDu’a kuAllah, ngabo ifu elisuka endaweni ekuthiwa iThihaamah, kwaqhuka umlisa kulo lelifa. Wase edlulisa isandla sakhe phezu kobuso kukamawami, kwase kwakhanya nokuqumba kwesiso kwa nyamalala.
“Ngambuza, ‘Ungubani? ususe lobunzima okade kuvele kumawami waphendula wathi, ‘Ngingumphrofethi wakho, uMuhammed(sallallahu alayhi wasallam).’
“Ngase ngicela ukuthi angeluleke, wase engiyala URasullullah (sallallahu alayhi wasallam) , ‘Nanoma yinini uthatha isnyathelo, isho leDurood, (اَللّٰهُمَّ صَلِّ عَلٰى مُحَمَّدٍ وَّعَلٰى آلِ مُحَمَّدٍ)
(Ad-Durrul Mandhood, pg. 246)

About admin

Check Also

Ukusho IDurood kashumi Ekseni Nantambama

عن أبي الدرداء رضي الله عنه قال: قال رسول الله صلى الله عليه وسلم: من …