Ukuthola Intethelelo kaHazrat Rasulullah (sallallahu alayhi wasallam)

عن رويفع بن ثابت قال: قال رسول الله صلى الله عليه وسلم: من صلى على محمد وقال: اللهم أنزله المقعد المقرب عندك يوم القيامة، وجبت له شفاعتي (المعجم الكبير للطبراني، الرقم: 4480، وإسناده حسن كما في مجمع الزوائد، الرقم: 17304)

UHazrat Ruwaifi bin Thabit Al-Ansaari (radhiyallahu anhu) ubika ukuthi uHazrat Rasulullah (sallallahu alayhi wasallam) wathi, “Umuntu osho leDurood elandelayo, intethelelo yami iyoba impoqo.”

اَللّٰهُمَّ صَلِّ عَلٰى مُحَمَّدٍ وَأَنْزِلْهُ الْمَقْعَدَ الْمُقَرَّبَ عِنْدَكَ يَوْمَ الْقِيَامَة

O Allah! Thumela imikhonzo kuRasullulah (salallahu alayhi wasallam) futhi umnike isikhundla esidondele kuwe ngosuku lokwahlulela.
isaziso: Ngokusho kwamanye amaMuhaditheen (abachaza amazwi aRasulullah (sallallahu alayhi wasallam)), “isikhundla esidondele” ekukhulunywa ngaso kule Hadeeth simayelana nodumo lentethelelo yendalo yonke ukuze kuqale usuku lokwahlulela.  Ngokusho kwamanye amaMuhaditheen athi sichaza iskhundla esiphezule esika Rasulullah (sallallahu alayhi wasallam) eJannah.
UUmar (radhiyallahu anhu) Edumisa UHazrat Rasulullah (sallallahu alayhi wasallam)
Umbhali wencwadi ekuthiwa iIhyaa ubhale ukuthi emuva kokuhamba kaRasullulah (sallalahu alayhi wasallam) emhlabeni, uUmar (radhiyallahu anhu) wakhala washo lokhu olulandelayo:
O sithunywa sikaAllah, engathi abazali bami banganikelwa ngawe! Isiqu seshlahla lesi okade ujwayele ukuncika kuso wethule amazwi akho ngaphambi kokwakhiwa kweMimbar (indawo ephakeme eMasjid) sakhala ngenkathi unyukela kwiMimbar, ngenxa yokuhlukaniswa nawe. Wase udlulisa isandla sakho phezu kwaso wasiduduza.O sithunywa sikaAllah! Abalandeli bakho banesizathu sokukhala kokuhlukaniswa nawe ngaphezu kwalesiqu (badinga ukududuzwa uwe ngenxa yokuhlukaniswa nawe).
O Sithunywa sikaAllah, engathi abazali bami banganikelwa ngawe! Isimo sakho ngaphambili kwaAllah siphakeme njengokuthi ukuzithoba kwakho sekuhaliwe vele. UAllah uthi kwiKuraan, “Lo olandela isithunywa ngempela ulandela iAllah.”
O Sithunywa sikaAllah!, Engathi abazali bami banganikelwa ngawe! Umkhulu emehlweni kaAllah kangangokuthi amaphutha akho athethelelwa ngaphambi kokuthi ucele intethelelo. Ngoba uAllah uthi kwiKuraan, “UAllah Sekuthethelile! Uzikhathazelani ngabo?”
O Sithunywa sikaAllah! Engathi abazali bami banganikelwa ngawe! Isikhundla sakho siphakeme phamibili kwaAllah ngoba UAllah ukhuluma ngokuthatha isithembiso kubaprofethi nawe futhi ubaliwe noma engabe uyisthunywa sokugcina. UAllah uthi kwiKuraan, “futhi khumbula ngenkathi sithatha izithembiso kubaprofethi nakuwe, futhi naku nooh (alayhissalaam), uEbrahim (alayhissalaam), uMoosa (alayhissalaam), noIsa (alayhissalaam), ingane kaMaryam (alayhassalaam). Futhi sathatha Kubo isibopho esinesizotho.
O Sithunywa sikaAllah! Engathi abazali bami banganikelwa ngawe, ngendlela omkhulu ngayo emehlweni kaAllah, abangakholwa bayozisola EJahanam ngoku ngakulaleli futhi bazothi , “Ah! Ukube salalela uAllah nesthunywa sakhe.” (Ihyaa uloomid Deen 1/310)

About admin

Check Also

Ukusho IDurood kashumi Ekseni Nantambama

عن أبي الدرداء رضي الله عنه قال: قال رسول الله صلى الله عليه وسلم: من …