Ukusho IDurood kashumi Ekseni Nantambama

عن أبي الدرداء رضي الله عنه قال: قال رسول الله صلى الله عليه وسلم: من صلى علي حين يصبح عشرا وحين يمسي عشرا أدركته شفاعتي يوم القيامة (رواه الطبراني بإسنادين وإسناد أحدهما جيد ورجاله وثقوا كذا في مجمع الزوائد، الرقم: ١٧٠٢٢)

UHadrat Abu Darda (radiallahu anhu) ubika ukuthi URasullullah (sallallahu alaihi wasallam) wathi, ” Umuntu osho iDurood kimi eyishumi ekseni nantambama, uyothola intethelelo yami ngosuku lokwahlulela.”
UHadrat Abdullah bin Amr Ushisa Ishidi Lakhe
UHadrat Abdullah bin Amr bin Aas (radiallahu anhu) uthi :
Ngelinye ilanga, ngangi hamba noRasulullah (sallallahu alaihi wasallam) ohambweni. Ngase ngihamba ngiyombona ngigqoke ishidi elinoqhakaza. Wase engibuza “Yini le oyigqokile?” Ngabona engathi akawthandi umbala weshidi engiligqokile. Ngathi sengifika endlini ngabona umlilo ovuthayo ngase ngiyiphosa khona ingubo yami.
Ngosuku olulandelayo ngenkathi ngiyombona uRasullullah (sallallahu alaihi wasallam) wase engibuza,”likuphi ishidi?”
Ngenkathi ngimchazela ukuthi ngilenze njani, wathi” engabe unikele ngalo kwabanye besimame base ndlini yakho. Kuvumelekile ukuthi abesifazane bagqoke umbala onjalo. (Sunan Abu Dawood #4066)
UHadrat Abdullah bin Amr bin Aas waye kade ekhathazekile ngokuthi URasullullah (sallallahu alaihi wasallam) angathukutheli.

About admin

Check Also

Uphawu Lomkhuba Omubi Nokungabongi

عن قتادة قال: قال رسول الله صلى الله عليه وسلم: من الجفاء أن أذكر عند …