July 28, 2021
Sunnats and Adaab, Wudhu
16. Yenza imasah yengemuva lomqala usebenzisa ingemuva leminwe. Ungafiki kwingaphambili lomqala.
UHadhrat Abdullah bin Umar (sengathi uAllaah angagculiseka ngaye) ubika ukuthi uHadhrat Rasulullah (ukuthula kube kuye) wathi, "Lowo owenza iwudhu, enze imasah yengemuva lomqala, uyovikelwa kumgexo (womlilo) ngosuku lokwahlulela".
Read More »
July 28, 2021
Sunnats and Adaab, Wudhu
11. Yenza ikhilaal yentshebe. Ikhilaal yentshebe yenziwa ngokuthi udlulise iminwe emanzi entshebeni (kusuka ngaphansi kwesilevu). Ikhilaal yentshebe kufanele yenziwe yilabo abanentshebe enkulu niminyene. Uma intshebe incane ngendlela yokuthi isikhumba siyabonakala, asikho isidingo sekhilaal kunalokho geza ubuso uqikelele futhi uqinisekise ukuthi amanzi afinyelela yonke indawo.
Read More »
July 28, 2021
Sunnats and Adaab, Wudhu
8. Uma uzilile, qikelela uma uhlanza umlomo namakhala, ungahlanzi mawala ngoba amanzi angagcina esehla ngomphimbo okungaholela ekwaphukeni kokuzila.
UHadhrat Laqeet bin Samurah (radhiyallahu anhu) uthi, "Ngake ngabuza uRasulullah (sallallahu alaihi wasallam) ngewudhu".Waphendula wathi, "Yenza iwudhu ephelele nengenamaphutha. Qinisekisa ukuthi uyayenza ikhilaal yeminwe (ukudlulisa iminwe emanzi phakathi kweminye) futhi uhlanzisise ikhala, ngaphandle uma uzilile".
Read More »
July 27, 2021
Sunnats and Adaab, Wudhu
5. Xubha umlomo ngomiswaak. Hlikihla amazinyo (uvundle) nolimi (wehle wenyuka). Uma umiswaak ungekho, sebenzisa umunwe.
UHadhrat Aishah (radhiyallahu anha) ubika ukuthi uHadhrat Rasulullah (sallallahu alaih wasallam) wathi, "Umkhuleko owenza uqeda kuxubha ngomiswaak unesisindo esingamahlandla aphindwe ngamashumi ayisikhombisa futhi unomvuzo omkhulu kunomkhuleko owenziwe ungaxubhanga ngomiswaak."
Read More »
July 27, 2021
Sunnats and Adaab, Wudhu
1. Hlala endaweni ephakeme (isibonelo: isihlalo) ubheke eQiblah. Indawo owenzela kuyo iwudhu kufanele kube ehlanzekile.
UHadhrat Abu Khair (rahimahullah) ubika ukuthi kwalethelwa uHadhrat Ali (radhiyallahu ‘anhu) isihlalo, wahlala (ebabonisa indlela uRasulullah (sallallahu ‘alaihi wasallam) ayenza ngayo iwudhu). Wacela ukuthi kulethwe isitsha (ujeke) esinamanzi. Waqala wageza izandla kathathu (wageza izandla kuze kufike ezihlakaleni kathathu).
Read More »
July 27, 2021
Sunnats and Adaab, Wudhu
1. Iwudhu ihlambulula izono ezincane.
UHadhrat Uthman (radhiyallahu anhu) ubika ukuthi uRasulullah (sallallahu alaih wasallam) wathi, "Lowo owenza iwudhu, futhi eyenza ngendlela efanele, izono zakhe (ezincane) ziyahlanjululwa emzimbeni kuphume ngisho ezingaphansi kwezinzipho."
Read More »
July 27, 2021
Istinjaa, Sunnats and Adaab
16. Qikelela ukuthi amaconsi omchamo awakutheli. Ubudedengu balokhu buholela ekujezisweni okunzima ethuneni.
UHadhrat Abu Hurairah (radhiyallahu 'anhu) ubika ukuthi uRasulullah (sallallahu 'alaihi wasallam) wathi, "ukujeziswa okuningi (okutotholwa iningi) ethuneni okomchamo."
Read More »
July 27, 2021
Istinjaa, Sunnats and Adaab
1. Umbuzo: Kuvumelekile yini ukufunda noma ukusebenzisa umakhalekhukhwini endlini encane? Impendulo: Indlu encane yeyokuzikhulula, ngakho – ke akuthandeki ukusebenzisa ucingo noma ukufunda khona.[1] 2. U: Kuvumelekile yini ukusebenzisa izingoje zokuchama zomphakathi ezitholakala emgaqweni? I: Akuvumelekile. Kufanele uzikhulule endaweni esesithe, uqosheme hayi umile.[2] 3. U: Ungalisebenzisa yini iphepha kuphela ku Istinjaa? …
Read More »
May 12, 2021
Eid, Sunnats and Adaab
1. Hlanza umlomo ngo Miswaak (uthi lokuxubha). [1] 2. Geza umzimba.[2] عن ابن عباس رضي الله عنهما قال كان رسول الله صلى الله عليه و سلم يغتسل يوم الفطر ويوم الأضحى (سنن ابن ماجة، الرقم: ١٣١٥)[3] UHadhrat Ibnu Abbaas (radhiyallahu ‘anhuma) ubika ukuthi uRasulullah (sallallahu ‘alaihi wasallam) wayegeza umzimba ngelanga …
Read More »
March 17, 2021
Istinjaa, Sunnats and Adaab
10. Ungakhulumi uma uzikhulula, ngaphandle uma isimo siphoqa.
UHadhrat Abu Hurairah (radhiyallahu 'anhu) ubika uthi uRasulullah (sallallahu 'alaihi wasallam) wathi, "Akufanele abantu ababili bazikhulule omunye eduze komunye futhi baxoxe uma bezikhulula nezitho zangasese zisobala ngoba lokho kuyisinengiso esikhulu ku Allaah."
Read More »