روي عن انس رضي الله عنه قال: قال رسول الله صلى الله عليه وسلم: من صلى علي في يوم الف مرة لم يمت حتى يرى مقعده من الجنة (الترغيب والترهيب الرقم ٢٥٧٩، الترغيب في فضائل الأعمال لابن شاهين الرقم: ١٩)
UHadhrat Anas (sengathi uAllaah angagculiseka ngaye) ubika ukuthi uRasulullah (ukuthula kube kuye) wathi, “Lowo othumela idurood kimi amahlandla ayinkulungwane ngoLwesihlanu, uyoboniswa indawo yakhe ePharadesi ngaphambi kokuthi adlule emhlabeni.”
Intethelelo Nezibusiso Zedurood
Umuntu thizeni oqotho ubika lesi sigameko :
Ngake ngaphupha umuntu owayaziwa ngokuthi ngu”Mistah” eseshonile. Wayeyisoni esikhulu ngesikhathi esaphila. Ephusheni ngabuza ngathi, “Wenze njani ngawe uAllaah?” Waphendula wathi, “UAllaah ungithethelele”. Ngambuza isizathu. Waphendula wathi, ” Ngake ngacela uMuhaddith (isazi samahadith) ukuthi asho ihadith. Wathi uma eqeda ukusho igama likaRasulullah (ukuthula kube kuye) washo idurood. Nami ngasho idurood kuRasulullah (ukuthula kube kuye) ngimemeza. Bonke abantu ababekhona kumbuthano bathi uma bengizwa ngisho idurood, nabo bayisho. UAllaah wathethelela izono zethu sonke ngaso leso sikhathi”.