Umnikelo (Sadaqah) otholakala ngokusho idurood

عن أبي سعيد الخدري رضي الله عنه عن رسول الله صلى الله عليه وسلم قال أيما رجل مسلم لم تكن عنده صدقة فليقل في دعائه اللهم صل على محمد عبدك ورسولك وصل على المؤمنين والمؤمنات والمسلمين والمسلمات فإنها زكاة وقال لا يشبع مؤمن خيرا حتى يكون منتهاه الجنة (صحيح ابن حبان، الرقم: ٩٠٣، وإسناده حسن كما في مجمع الزوائد، الرقم: ١٧٢٣١)

UHadhrat Abu Sa’eed Khudri (radhiyallahu anhu) ubika ukuthi uRasulullah (sallallahu alaihi wasallam) wathi, “Imuslim elingenako okokunikela (sadaqah) kufanele lisho le durood kwidu’a yalo ukuze lizothola umhlolulo womnikelo futhi lihlanzwe izono.”

اَللّٰهُمَّ صَلِّ عَلٰى مُحَمَّدٍ عَبْدِكَ وَرَسُوْلِكَ وَصَلِّ عَلٰى الْمُؤْمِنِيْنَ وَالْمُؤْمِنَاتِ وَالْمُسْلِمِيْنَ وَالْمُسْلِمَاتِ

O Allaah! Busisa uMuhammad (sallallahu alaihi wasallam), isikhonzi kanye nesithunywa sakho futhi ubusise wonke amakholwa namaMuslim, esilisa nawesifazane.

UHadhrat Rasulullah (sallallahu alaihi wasallam) waphinda futhi wathi, “Ikholwa liyaphokophela ukwenza okuhle, alisho ukuthi sekwanele kuze kufike la lidlula khona emhlabeni lingene ePharadesi.”

Isigameko Seshuminane-Idurood Ikusiza Ngesikhathi Sokuxakeka

UShaykh Shibli (rahimahullah) ubika lesi sigameko:

Omunye womakhelwane bami wadlula emhlabeni. Kwathi sekuhambe isikhathi eshonile ngamuphupha. Ngambuza, “UAllaah ukwenze njani?” Waphendula wathi:

“O Shibli! Ngidlule kubunzima nokuxakeka okukhulu ngoba angikwazanga ukuphendula izingelosi imibuzo yasethuneni. Ngathi uma ngithola inkinga yokuphendula, ngazibuza ngathi,” Kungani ngithola ubunzima obunjena? Angishonanga nginokholo yini? Ngathi ngisamangele, ngezwa izwi lithi,” Lesi isijeziso sokungaqikeleli indlela osebenzisa ngayo ulimi usesemhlabeni.”

Zathi izingelosi ezimbili uma ziqala zingijezisa, indoda eyayiyinhle kakhulu futhi inuka amakha ekhethelo yangilamulela yabe isinginika nezimpendulo ezazifunwa izingelosi. “Ngathi senginike izimpendulo ezifanele ngasinda nasekujezisweni, ngayibuza indoda,” Ungubani? Sengathi uAllaah angaba nomusa kuwe! “Indoda yaphendula yathi,” Ngiyindoda edalwe nguAllaah, ngiyalelwe ukuzokusiza ngezikhathi zobunzima ngenxa yedurood owawuvame ukuyenza kuRasulullah (sallallahu alaihi wasallam).

About admin

Check Also

Ukusho IDurood kashumi Ekseni Nantambama

عن أبي الدرداء رضي الله عنه قال: قال رسول الله صلى الله عليه وسلم: من …