Ukukhanya ngosuku lokwahlulela

عن ابن عمر رضي الله عنهما قال قال رسول الله صلى الله عليه وسلم زينوا مجالسكم بالصلاة علي فإن صلاتكم علي نور لكم يوم القيامة (الفردوس بمأثور الخطاب، الرقم: ٣٣٣٠، وإسناده ضعيف كما في القول البديع صـ ٢٧٨)

UHadhrat Ibnu Umar (radhiyallahu anhuma) ubika ukuthi uRasulullah (sallallahu alaihi wasallam) wathi,” Zijwayezeni ukuthi uma nihlangene nithumele idurood kimi ngoba izoninika ukukhanya ngosuku lokwahlulela.”

Isigameko Seshuminanhlanu ~ Ukuvikelwa Ekujezisweni Ngenxa Yedurood.

Indoda yaphupha umuntu oxakile nosabekayo. Yathi uma ibuza ukuthi ungubani, waphendula wathi, “Ngiyizenzo zakho ezimbi”. Indoda yabuza yathi, ” Ngingavikeleka kanjani kuwe na? Waphendula wathi,” Ngokuvama ukusho idurood kuMuhammad (sallallahu alaihi wasallam)”. (Al-Qawlul Badee, Pg. 260)

About admin

Check Also

Ukusho IDurood kashumi Ekseni Nantambama

عن أبي الدرداء رضي الله عنه قال: قال رسول الله صلى الله عليه وسلم: من …