Ukwandiswa kwezidingo

عن سهل بن سعد رضي الله عنه قال: جاء رجل إلى النبي صلى الله عليه وسلم فشكا إليه الفقر وضيق العيش أو المعاش فقال له رسول الله صلى الله عليه وسلم: إذا دخلت منزلك فسلم إن كان فيه أحد أو لم يكن فيه أحد ثم سلم علي واقرأ قل هو الله أحد مرة واحدة ففعل الرجل فأدَرَّ الله عليه الرزق حتى أفاض على جيرانه وقراباته (أبو موسى المديني وسنده ضعيف كما في القول البديع صـ ٢٧٩)

UHadhrat Sahl bin Sa’d (radhiallahu anhu) ubika ukuthi kwathi ngelinye ilanga iSahabi laya kuRasulullah (sallallahu alaihi wasallam) lamubikela ngendlala nobunzima bokuthola okokuziphilisa. URasulullah (sallallahu alaihi wasallam) wathi kulo, “Uma ungena ekhaya bingelela (salaam) noma ngabe akukho muntu. Emuva kwalokho uthumele isibingelelo kimi bese usho uSurah Ikhlaas kanye.” ISahabi lenza ngokomyalelo kaRasulullah (sallallahu alaihi wasallam). UAllaah walibusisa ngomnotho ongenamkhawulo nangokuthi lagcina selinakekela izidingo zezihlobo nomakhelwane.

Isigameko Seshuminesithupha- Ukusho Isibalo Esikaliwe Sedurood Njalo Ngaphambi Kokulala

UShaykh ibn Hajar Makki (rahmatullahi alaih) ubika isigameko sendoda eqotho eyazikalela isibalo sedurood ezoyisho njalo ngaphambi kokulala. Kwathi ngobunye ubusuku yabona uMprofethi (ukuthula kube kuye) ephupheni. Wangena ekhaya layo, ikhaya lonke lakhazimula ukukhanya kukaRasulullah (sallallahu alaihi wasallam). URasulullah (sallallahu alaihi wasallam) wathi kuyo, ” Ngibonise lowo mlomo osho ngawo idurood ngiwuqabule”. Indoda yashawa amahloni yamukhombisa isihlathi. URasulullah (sallallahu alaihi wasallam) wasiqabula. Yathi uma ivuka yathola ikhaya layo lonke linuka amakha emusk. (Ad-Durul Mandood, Pg,260)

About admin

Check Also

Ukusho IDurood kashumi Ekseni Nantambama

عن أبي الدرداء رضي الله عنه قال: قال رسول الله صلى الله عليه وسلم: من …