Ukwamukelwa kwamadu’a

عن عمر بن الخطاب رضي الله عنه قال : إن الدعاء موقوف بين السماء والأرض لا يصعد منه شيء حتى تصلى على نبيك صلى الله عليه و سلم (سنن الترمذي، الرقم: ٤٨٦)

UHadhrat Umar (radhiyallahu ‘anhu) uthi “Amadu’a ayema phakathi kwamazulu nomhlaba, awafinyeleli emazulwini ingakashiwo idurood kuNabi (sallallahu ‘alaihi wasallam) (okusho ukuthi asikho isiqiniseko sokumukelwa kwawo)”.

Isigameko Seshuminesikhombisa – Ukusho Idurood Ngaphambi Kokulala

UHadhrat Muhammad bin Sa’eed bin Mutariff (rahimahullah) owayengumuntu onobuqotho nomazisayo uMdali, ubika lesi sigameko:

Ngakwenza kwaba yima’mool (isenzo sokukhonza sansuku-zonke) ukusho isibalo esithize sedurood kuRasulullah (sallallahu ‘alaihi wasallam) njalo ebusuku ngaphambi kokuthi ngilale.

Ngobunye ubusuku ngisendlini yami, ngazumeka ngiqeda kusho idurood. Ngaphupha uRasulullah (sallallahu ‘alaihi wasallam) engena emnyango. Wathi uma engena indlu yonke yagcwala ukukhanya kwakhe okubusisekile. Wabheka kimi wathi, “Letha umlomo lowo ojwayele ukusho ngawo idurood ngobuningi kimi ngiwuqabule”. Ngabanamahloni okumnika umlomo, ngamnika isihlathi. Wabeka umlomo wakhe obusisekile esihlathini sami wasiqabula. Ngaphaphama ngaso lesosikhathi ngijabule, ngavusa unkosikazi wami owayelele eduze kwami. Sathi uma sivuka sathola ukuthi indlu yonke inuka amakha emusk aphuma kumzimba obusisekile kaRasulullah (sallallahu ‘alaihi wasallam). Iphunga lemusk elasala ngiqatshulwa nguRasulullah (sallallahu ‘alaihi wasallam) lahlala esihlathini sami izinsuku eziyisishiyagalombili. Kuzo zonke lezinsuku umkami wayefika azonuka isihlathi sami.

About admin

Check Also

Ukusho IDurood kashumi Ekseni Nantambama

عن أبي الدرداء رضي الله عنه قال: قال رسول الله صلى الله عليه وسلم: من …