Ukusho IDurood Ewu (100) Emva kweSalaah YeFajr NeSalaah YeAsr

عن جابر رضي الله عنه قال: قال رسول الله صلى الله عليه وسلم: من صلى علي مائة صلاة حين يصلي الصبح قبل أن يتكلم قضى الله تعالى له مائة حاجة يعجل له منها ثلاثين ويدخر له سبعين وفي المغرب مثل ذلك قالوا: وكيف الصلاة عليك يا رسول الله قال: إن الله وملائكته يصلون على النبي يأيها الذين آمنوا صلوا عليه وسلموا تسليما اللهم صل على محمد حتى تعد مائة (رواه أحمد بن موسى الحافظ بسند ضعيف كذا في القول البديع صـ 364)

UHadrat Jaabir (radiallahu anhu) ubika ukuthi URasullullah wathi, “Umuntu osho iDurood ewu (100) kimi uma eqeda ukwenza iSalaah yeFajr ngaphambili kokuthi akhulume, uAllah uzomfezela izidingo zakhe eziwu (100). UAllah uyoshesha afeze izidingo zakhe eziwu (30) (la emhlabeni) aphinde alindele ukumfezela izidingo zakhe eziwu (70) kwelizayo. Futhi umvuzo uyofana uma umuntu esho iDurood uma eqeda ukwenza iSalaah yeMaghrib. ” AmaSahaabah (radiallahu anhum) abuza,” kumele siyisho kanji iDurood, O Sithunywa sika Allah? ” URasullullah (sallallahu alaihi wasallam) wase ehaya lelivesi elilandelayo:

ان الله وملائكته يصلون على النبي يا أيها الذين آمنوا صلوا عليه وسلموا تسليما

UAllah nezingelosi zakhe bathumela iDurood KuRasullullah (sallallahu alaihi wasallam), O Nina enikholwayo thumelani iDurood kuye.
Wase uRasullullah (sallallahu alaihi wasallam) esho leDurood elandelayo wase ethi kumele uyisho kawu (100) :

اللهم صل على محمد

UHadrat Waa’il Ugunda Izinwele Zakhe
UHadrat Waa’il bin Hujar (radiallahu anhu) uthi :
Ngake ngavakashela URasullullah (sallallahu alaihi wasallam) ngenkathi izinwele zami zasekhanda zinde okungajwayelekile, washo lamazwi, “Zubaab, Zubaab” (kuchaza okubi). Ngase ngicabanga ukuthi uqonde izinwele zami. Ngabuyela ekhaya, ngasi ngizigunda izinwele zami ngokushesha.
Ngosuku olulandelayo ngamvakashela futhi, wase ethi kimi, “Benginga qondile izinwele zakho izolo ngenkathi ngisho lamazwi izolo. Kodwa kuhle ukuthi uzigundile izinwele zakho.”
Lesenzo saleliSahaabi sikhombisa uthando oluyiqiso ayenalo laRasullullah (sallallahu alaihi wasallam) enhlizweni yakhe. Ngenkathi ebona engathi izinwele zakhe ezinde azimthokozisi uRasullullah (sallallahu alaihi wasallam) washesha wayo gunda izinwele zakhe. Umuntu sengacabanga ukuthi uma izinga lothando labo laRasullullah lalu kade lungaka, kwakungezeka yini ukuthi baphule umthetho waRasullullah (sallallahu alaihi wasallam) noma bangayilandeli iSunnah yakhe ebusisekile?

About admin

Check Also

Umphumela womhlangano Onganayo Izikar NeDurood

عن جابر رضي الله عنه قال: قال رسول الله صلى الله عليه وسلم: ما اجتمع …