UHadhrat Abu Hurayrah (radhiyallahu ‘anhu) ubika ukuthi uRasulullah (sallallahu alaihi wasallam) wathi, "Lowo ofisa ukuthi idurood yakhe ikalwe ngesikali esigcwele (athole umhlomulo ophelele) uma esho idurood kithi thina bahlali bendlu ka Allaah Ophakeme (Ahlul Bayt), makasho le durood:
O Allaah dlulisa imikhonzo ku Muhammad (sallallahu ‘alaihi wasallam), uMprofethi ongafundile; kumakhosikazi akhe, omama bamakholwa; kwinzalo yakhe nakubo bonke abendlu yakhe, njenganalokho wadlulisa imikhonzo kumndeni ka Ibrahim (alahis salaam), Allah ngempela Ufanelwe ludumo lonke, Uphakeme.
Read More »