July 27, 2021
Istinjaa, Sunnats and Adaab
16. Qikelela ukuthi amaconsi omchamo awakutheli. Ubudedengu balokhu buholela ekujezisweni okunzima ethuneni.
UHadhrat Abu Hurairah (radhiyallahu 'anhu) ubika ukuthi uRasulullah (sallallahu 'alaihi wasallam) wathi, "ukujeziswa okuningi (okutotholwa iningi) ethuneni okomchamo."
Read More »
July 27, 2021
Istinjaa, Sunnats and Adaab
1. Umbuzo: Kuvumelekile yini ukufunda noma ukusebenzisa umakhalekhukhwini endlini encane? Impendulo: Indlu encane yeyokuzikhulula, ngakho – ke akuthandeki ukusebenzisa ucingo noma ukufunda khona.[1] 2. U: Kuvumelekile yini ukusebenzisa izingoje zokuchama zomphakathi ezitholakala emgaqweni? I: Akuvumelekile. Kufanele uzikhulule endaweni esesithe, uqosheme hayi umile.[2] 3. U: Ungalisebenzisa yini iphepha kuphela ku Istinjaa? …
Read More »
May 12, 2021
Eid, Sunnats and Adaab
1. Hlanza umlomo ngo Miswaak (uthi lokuxubha). [1] 2. Geza umzimba.[2] عن ابن عباس رضي الله عنهما قال كان رسول الله صلى الله عليه و سلم يغتسل يوم الفطر ويوم الأضحى (سنن ابن ماجة، الرقم: ١٣١٥)[3] UHadhrat Ibnu Abbaas (radhiyallahu ‘anhuma) ubika ukuthi uRasulullah (sallallahu ‘alaihi wasallam) wayegeza umzimba ngelanga …
Read More »
March 17, 2021
Istinjaa, Sunnats and Adaab
10. Ungakhulumi uma uzikhulula, ngaphandle uma isimo siphoqa.
UHadhrat Abu Hurairah (radhiyallahu 'anhu) ubika uthi uRasulullah (sallallahu 'alaihi wasallam) wathi, "Akufanele abantu ababili bazikhulule omunye eduze komunye futhi baxoxe uma bezikhulula nezitho zangasese zisobala ngoba lokho kuyisinengiso esikhulu ku Allaah."
Read More »
March 17, 2021
Istinjaa, Sunnats and Adaab
6. Ngaphambi kokungena endlini encane, khipha noma ukhumule zonke izinto okuqoshwe kuzo igama lika Allaah, l elikaMprofethi (ukuthula kube kuye) kanye namavesi eQuran eyingcwele. Isibonelo: izindandatho nemigexo.
UHadhrat Anas (radhiyallahu 'anhu) ubika ukuthi uRasulullah (sallallahu 'alaihi wassallam) wayeyikhipha indandatho yakhe uma engena endlini encane.
Read More »
March 17, 2021
Istinjaa, Sunnats and Adaab
4. Mboza ikhanda nezinyawo ngaphambi kokungena endlini encane.
UHadhrat Habeeb bin Saalih (radhiyallahu 'anhu) ubika ukuthi uRasulullah (sallallahu 'alaihi wassallam) wayeye agqoke izicathulo futhi amboze ikhanda uma engena endlini encane.
5. Ngaphambi kokungena endlini encane isho u"bismillah" (egameni lika Allaah Ta'ala) bese uthi:
Read More »
March 17, 2021
Istinjaa, Sunnats and Adaab
1. Zikhulule endaweni ecashile (esesithe) lapho ungeke ubonwe khona ngabantu.
UHadhrat Jaabir (radhiyallahu ‘anhu) uthi, "uma uRasulullah (sallallahu ‘alaihi wasallam) edinga ukuzikhulula wayeya endaweni lapho engeke abonwe ngabantu."
Read More »
March 16, 2021
Istinjaa, Sunnats and Adaab
UHadhrat Abu Hurairah (sengathi uAllaah angagculiseka nguye) ubika ukuthi uRasulullah (ukuthula kube kuye) wathi: "Izijeziso eziningi (eziyotholwa abantu abaningi) ethuneni zezomchamo (ukungaqikeleli amaconsi nokuwuhlambulula, lokho kuholele kwiwudhu, umkhuleko nokunye nje ukukhonza okuyize ngenxa yokuba sesimweni sokungcola)".
Read More »
March 16, 2021
Istinjaa, Sunnats and Adaab
I- Islam iyinkolo yobumsulwa nenhlanzeko epheleleyo. I- Islam igcizelela ukuqikelelwa kobumsulwa nenhlanzeko kuyo yonke imikhakha yempilo. URasulullah Sallallaho alaihe wasallam wathi:
Read More »