Inhlonipho KaHadrat Umar KaHadrat Abu Bakr (radiallahu anhu) UHadrat Umar (radiallahu anhu) kade ehlezi amukela isikhundla esiphezulu sikaHadrat Abu Bakr (radiallahu anhu) futhi akaze azibone elingana noHadrat Abu Bakr (radiallahu anhu). Ngelinye ilanga khona iqembu labantu ladumisa uHadrat Umar (radiallahu anhu) lathi, “Siyafunga ngoAllah asikaze sibone umuntu oqotho, okhuluma iqiniso …
Read More »UUmar (radiallahu anhu) Esabalalisa Iqiniso Ngokusobala
Ukukhathazeka KwaUmar (radiallahu anhu) NgeSalaah Ngosuku lolu uHadrat Umar (radiallahu anhu) kade egwazwe ngalo, kwafika uHadrat Miswaar bin Makhramah (radiallahu anhu) ezombona. Ngenkathi engena wafica uhadrat Umar (radiallahu anhu) equlekile embozwe ngeshidi. UHadrat Miswaar (radiallahu anhu) wase ebuza laba kade bekhona,” Unjani?” baphendula bathi, “Uqulekile njengoba umbona.” Ngoba kade kusele …
Read More »USatane Uvika Indlela (ehamba) UHadrat Umar (radiallahu anhu)
UHadrat Umar (radiallahu anhu) Uhlonipha Amakhosikazi Ahlanzekile KaRasullullah (sallallahu alaihi wasallam) UHadrat Aslam (Rahimahullah) isigqila sikaHadrat Umar (radiallahu anhu) sibika ukuthi uHadrat Umar (radiallahu anhu) kade enezitsha eziwu (9) ezikhethekile ezazigcinelwe ukuthumela izipho kumakhosikazi ahloniphekile kaRasullullah (sallallahu alaihi wasallam). UHadrat Aslam ubika ukuthi njalo uma kade kukulethwe ukudla okumnandi, izithelo …
Read More »Ukuqina Emthethweni WeDeen
Ukuqaphela Emcebeni Womphakathi Kwakuncomeka ukuqaphela okwathathwa nguHadrat Umar ngenkathi esebenzisa imali yomphakathi. Ngelinye ilanga kwake kwafika uhlobo lamakha okwakuthiwa iMusk neAmbergris olalusuka endaweni ekuthiwa iBahrain. Ngoba kade kuwumcebo womphakathi, uHadrat Umar (radiallahu anhu) wathi, “ngifunga ngoAllah! Ngifisa ukuthola umuntu onekhono lokukala lezinto ukuze ngizokwazi ukuzinikeza amaMuslim ngokulingana. Ngokuzwa lokhu, umkakhe …
Read More »Abaluleki Ababili BaRasulullah (sallallahu alaihi wasallam)
UHadrat Umar (radiallahu anhu) Uzikhumbuza Ukubuzwa Imibuzo Kwelizayo Noma ngabe uUmar (radiallahu anhu) ubalwe kwabayishumi abathenjiswa iJannah (izulu) la emhlabeni, futhi naphezulu kokuthi waba umholi wesbili weIslam, waye kade ehlezi ezithobile futhi esaba ukubuzwa imbuzo ngaphambili kwaAllah ngosuku leKiyaamah. Kubikiwe ukuthi ngelinye ilanga uHadrat Umar (radiallahu anhu) wangena ensimini yezithelo …
Read More »Ukuholelwa Eqinisweni Ngokwaphezulu
UHadrat Ali Ufisa Ukuhlangana NoAllah Ngezenzo ZikaHadrat Umar (radiallahu anhu) UHadrat Abdullah bin Abbaas (radiallahu anhuma) uthi : Ngangikhona ngenkathi umzimba kaHadrat Umar (radiallahu anhu) ubekwe ohlakeni emvakokuthi abulawe. Abantu bavele benza isixuku emzimbeni wakhe. Ngenkathi besalindile ukuthi kuphakamiswa umzimba wakhe ayoncwatshwa, babethumela iDurood kuRasullullah (sallallahu alaihi wasallam) futhi benzela …
Read More »iDua KaHadrat Rasulullah (sallallahu alaihi wasallam)
Injabulo KaHadrat Umar (radiallahu anhu) UHadrat Umar (radiallahu anhu) wake wathi kuHadrat Abbaas (radiallahu anhu) (umalume kaRasullullah) “Ukungena kwakho kwiIslaam kwangijabulisa kakhulu kunokungena kukababa wami KwiIslaam, ngoba ukungena kwakho kwiIslaam kwaletha injabulo enkulu KuRasullullah (sallallahu alaihi wasallam) kunokungena kukababa wami KwiIslaam.”
Read More »URasullullah (sallallahu alaihi wasallam) Ukhuluma NgeKhilaafa (ukubusa) KaHadrat Abu Bakr (radiallahu anhu)
UHadrat Abu Bakr (radiallahu anhu) Evikela URasullullah (sallallahu alaihi wasallam) Ngelinye ilanga uRasullullah (sallallahu alaihi wasallam) waye kade enza iSalaah eduze kweKa’bah, uUqbah bin Abi Muit omunye wabaholi beqembu leKuraish owayekade ekhohlakele kakhulu wasondela kuye ngenhloso yokumlimaza. Ngenkathi esesondele KuRasullullah (sallallahu alaihi wasallam) uUqbah wakhipha itshali lakhe waligoqa emqaleni (kaRasullullah) …
Read More »Ofanelekile Kakhulu Ukuhola Abantu KwiSalaah
UHadrat Abu Bakr (radiallahu anhu) – Umfanekiso Womusa Nobuhle Ngelinye ilanga uRasullullah (sallallahu alaihi wasallam) wabuza amaSahaabah (radiallahu anhum), “Ubani ozilile phakathi kwenu namhlanje? “ UHadrat Abu Bakr (radiallahu anhu) waphendula wathi,” yimina ozilile namhlanje.” URasullullah (sallallahu alaihi wasallam) wase ebuza,” Ubani ovakashele umuntu ogulayo namhlanje?” UHadrat Abu Bakr (radiallahu …
Read More »Umuntu Othandekile Kakhulu KuRasulullah (sallallahu alaihi wasallam)
Umuntu Wakulesizwe Oyongena Kuqala EJannah KuyiHadeeth engcwele uRasullullah (sallallahu alaihi wasallam) wachaza ukuthi isizwe sakhe siyongena kuqala eJannah ngaphambili kwezinye izizwe futhi phakathi kwesizwe sakhe uHadrat Abu Bakr (radiallahu anhu) umuntu owokuqala oyongena eJannah. URasullullah (sallallahu alaihi wasallam) wathi, “UHadrat Jibraeel (alayhisallaam) weza kimi wangithatha ngesandla wase engikhombisa isicabha ekuyongena …
Read More »