Durood and Salawaat

Amagama Okudumisa Lawa Ajabulisa URasullullah (sallallahu alayhi wasallam)

UImaam Tabraani (rahmatullah alayhi) ubika iDua ebhukwini lakhe ewake wabusiswa ngokubona uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) ephupheni ngayo. Ephupheni, uRasullullah wabonaka njengoba echazsa kumaHadeeth. UImaam Tabraani (rahmatullah alayhi) wabingelela uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) ngeSalaam wase ethi, “O Sithunywa sikaAllah (sallallahu alayhi wasallam)! UAllah unginike ugqozi lokusho la amazwi amancane.” URasullullah (sallallahu …

Read More »

IDurood Efundiswa URasullullah (sallallahu alayhi wasallam) Ephupheni

UKamaal Ad-Dameeri (rahmatullah alayhi) ubika ebhukwini ekuthiwa iSharhul-Minhaaj ukuthi uShaykh Abu Abdilllah bin Nu’maan wabusiswa ngokubona uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) ephupheni lakhe kawu (100). Ephupheni lakhe lokugcina la wabona khona uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam), wabuza, “O Sithunywa sikaAllah (sallallahu alayhi wasallam)! Eyiphi iDurood enhle kakhulu enginga yishk kuwe?” URasullullah (sallallahu …

Read More »

IDurood KaAbul Fadl Qoomasaani (rahmatullah alayhi)

UHadrat Abul Fadl Qoomasaani (rahmatullah alayhi) uthi: Kwake kwafika umlisa wase ndweni ekuthiwa iKhurasaan wathi kimi, “Ngenkathi ngiseMadina Munawwarah, ngabona uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) ephupheni wase ethi kimi, ‘Uma uhamba uya eHamdaan, ngidlusele iSalaam (ungikhonzele) kuAbul Fadhl Zeeruk.’ Ngase ngimbuza uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam), O Rasullullah (sallallahu alaihi wasallam), yini …

Read More »

IDurood Yokuphepha – IDurood Tunjeena

UHadrat Moosa Zareer (rahmatullah alayhi) kade eyinceku engcwele kakhulu. Wake walandisa ngalendaba elandelayo ewake wadlula kuyo, uthi: Ngelinye ilanga nginohambo ngigibele umkhumbi okade kusondele ukuthi ucwile. Ngalesosikhathi ngavele ngaphatwa ubuthongo. Ngabona uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) wase engifundisa leDurood elandelayo wase ethi kumina angiyaleze abagibeli ukuthi basho leDurood kawu(1000). Abagibeli baqala …

Read More »

IDurood KaShaykh Shibili (rahmatullah alayhi) Emvakwa Yonke ISalaah

UAllamah Sakhaawi ubika lendaba elandelayo. UAbu Bakr bin Muhammed (Rahimahullah) wathi: Ngenkathi ngihleli noShaykh Abu Bakr bin Mujaahid (rahmatullah alayhi) kanti ngalesosikhathi kuqhamuke uShaykh Shibili (rahmatullah alayhi),uAbu Bakr bin Mujaahid aphakame lakade ehleli khona, wasondela phambili, wamamukela wase emqabula esiphongweni emkhombisa Inhlonipho. Ngase ngimbuza, “Kungani ukhombisa uShaykh Shibili inhlonipho engaka …

Read More »

IDurood Nokudumisa Okuhle Kakhulu

Kubikiwe ukuthi uAbu Muhammad, Abdullah Al-Mowsili okade edume ngokubizwa ngoIbnul Mushtahir futhi kade eyinceku esho lokhu okulandelayo: “Umuntu ofisa ukudumisa uAllah ngendlela enhle kakhulu kunayoyonke indalo eyake yamdumisa uAllah phakathi kwabantu kusukela kulo owafika kuqala kuze kufike kulo oyofika kugcina, izingilosi ezisondele nabahlali basemazulwini nasemhlabeni futhi ufisa ukuthumela imikhonzo kumprofethi …

Read More »

IDurood Enokwelapha Kwazo Zonke Izifo

Lendaba elandelayo ebhaliwe ebhukwini ekuthiwa i’Nuzhah’: Kwaku khona omuntu oyinceku okade segula kakhulu ngenxa yokuthi bengasakwazi ukuchama. Ngobunye ubusuku, wabona iphupho la ekhalaza kushaykh Shahaabuddeen bin Raslaan (rahmatullah alayhi) (okade eyinceku nomfundisi odumile) ngobunzima abhekene nakho. Ephupheni, uShaykh wathi kuye, “kwenzeka kanjani ukuthi awunalo ulwazi lento elapha zonke izifo? Qalis …

Read More »

Enye IDurood Ekhethekile KaImaam Shaafi’ee (rahmatullah alayhi) 

Ebhukwini ekuthiwa iRawdatul Ahbaab uImaam Ismaeel bin Ebrahim Muzani (umfundi odumile kaImaam Shafiee) ubika uthi : Ngake ngabona uImaam Shaafi’ee ephupheni emva kokushona kwakhe ngase ngimbuza ukuthi “uAllah ukuphathe kanjani?” uImaam Shaafi’ee waphendula Wathi, “UAllah ungithethelelile waqoka ukuthi ngiphelezelwe ngiyongena eJannah ngenhlonipho nesizotha. Ngithole konke lokho ngokusho iDurood ethize kuRasullullah …

Read More »

IDurood Ekhethekile KaImaam Shaafi’ee (rahmatullah alayhi)

UHadrat Ibnu Bunaan Asbahaani (rahmatullah alayhi) uthi : Ngake ngabona uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) ephupheni ngase ngimbuza, “O Rasullullah (sallallahu alayhi wasallam), ngabe kukhona into ekhethekile enikezwe uMuhammed bin Idrees Shaafi’ee (rahmatullah alayhi), lo oyindodana kamalume wakho? (kuthiwe malume ngoba isizululwane sokhokho baImaam Shaafi’ee siyahlangana nesikaHadrat Rasullullah (sallallahu alayhi wasallam). …

Read More »

AmaDurood Amahlanu KaImaam Shaafi’ee (rahmatullah alayhi)

Kubikiwe ukuthi emvakokushona kukaImaam Shaafi’ee (rahmatullah alayhi) khona umuntu owambona ephupheni wase embuza into eyamnikeza intethelelo kuAllah. UImaam Shaafi’ee (rahmatullah alayhi) waphendula wathi, “Kungenxa yalamaDurood amahlanu ekade ngijwayele ukuwathumela kuRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) kade ngijwayele ukuwasho ngolwesihlanu (ubusuku balesine).” اَللّٰهُمَّ صَلِّ عَلٰى مُحَمَّدٍ عَدَدَ مَنْ صَلّٰى عَلَيْهِ وَصَلِّ عَلٰى مُحَمَّدٍ …

Read More »