Ukulunga KwaHadrat Ali (radiyallahu anhu) UAli bin Rabee’ah (radiyallahu anhu) ubika ukuthi ngelinye ilanga uHadrat Ja’dah bin Hubayrah (radiyallahu anhu) wafika kuHadrat Ali (radiyallahu anhu) wase ethi, “O Mphathi wamaMuslim!, sibona ukuthi kufike abantu ababili kuwe (mayelana nengxabano yabo). Sibona ukuthi oyedwa phakathi kwabo ukuthanda ngaphezulu komdeni wakhe nomcebo wakhe, …
Read More »Yearly Archives: 2025
Isikhathi Nendlela Efanelekile
Njengoba kubalulekile ukwenza iSalaah, ukuyenza ngesikhathi esifanelekile futhi nangendlela efanelekile kubalulekile. UHadrat Rasullullah (sallallahu alayhi wasallam) wathi, “Uma umuntu enza iSalaah yakhe ngesikhathi esifanelekile ngeWudhu ephelele, ephelelisa iQiyaam (ukuma), jRuku (ukugoba) neSajdah (ukuguqa) ngendlela efanelekile ngokucabangisisa nokuzithoba. ISalaah yakhe iyakhuphuka ikhanye ibenobuhle ithi kuye, ‘Engathi uAllah angakuvikela njengoba nawe ungivikelile’. …
Read More »Ubudlewane Obusondele Phakathi KwaRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) NoHadrat Ali (radiyallahu anhu)
Uthando Olujulile LikaRasulullah Ngelinye ilanga Kade ngigula ngavakashelwa uRasulullah ngenkathi engen endlini yami. Kade ngilele phansi. Ngenkathi engibona kuleso simo, uRasulullah wasondela eceleni kwami wase ethatha itshali ekade eligqokile wangimboza ngalo. Emvakwalokho,ngenkathi uRasulullah (sallallahu alayhi wasallam) ebona ubuthakathaka bami,wasukuma wahamba waya eMusjid wenza iSalaah eyiNafil (engayona impoqo) emvakokuthi enze iNafil …
Read More »IDurood Nokudumisa Okuhle Kakhulu
Kubikiwe ukuthi uAbu Muhammad, Abdullah Al-Mowsili okade edume ngokubizwa ngoIbnul Mushtahir futhi kade eyinceku esho lokhu okulandelayo: “Umuntu ofisa ukudumisa uAllah ngendlela enhle kakhulu kunayoyonke indalo eyake yamdumisa uAllah phakathi kwabantu kusukela kulo owafika kuqala kuze kufike kulo oyofika kugcina, izingilosi ezisondele nabahlali basemazulwini nasemhlabeni futhi ufisa ukuthumela imikhonzo kumprofethi …
Read More »ISalaah Yabantu Besilisa
ISalaah inesikhundla esiphakeme kakhulu empilweni yeMuslim engayidingi incazelo. Ngokuthi into eyokuqala oyobuzwa ngayo ngosuku lokwahlulela kwanele njengobufakazi. UHadrat Rasullullah (sallallahu alayhi wasallam) wathi : إن أول ما يحاسب الناس به يوم القيامة من أعمالهم الصلاة قال يقول ربنا جل وعز لملائكته وهو أعلم انظروا في صلاة عبدي أتمها أم نقصها …
Read More »Othanda UAllah NoRasulullah (sallalallahu alayhi wasallam)
Ubuqhawe BaHadrat Ali (radiyallahu anhu) empini yaseKhaybr Ngenkathi kuyimpi yaseKhaybr, emvakokuthi uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) anikeze uHadrat Ali (radiyallahu anhu) ifulegi yeIslam, uHadrat Ali (radiyallahu anhu) wahola ibutho lamaSahaabah (radiyallahu anhum) enqabeni laseQamoos. Ngenkathi besondela enqabeni, isosha ekade liyijuda elalibizwa ngoMarhab ekade lidumile lasondela lizoqophisana nabo. UMarhab kade eyisosha elidumile …
Read More »IDurood Enokwelapha Kwazo Zonke Izifo
Lendaba elandelayo ebhaliwe ebhukwini ekuthiwa i’Nuzhah’: Kwaku khona omuntu oyinceku okade segula kakhulu ngenxa yokuthi bengasakwazi ukuchama. Ngobunye ubusuku, wabona iphupho la ekhalaza kushaykh Shahaabuddeen bin Raslaan (rahmatullah alayhi) (okade eyinceku nomfundisi odumile) ngobunzima abhekene nakho. Ephupheni, uShaykh wathi kuye, “kwenzeka kanjani ukuthi awunalo ulwazi lento elapha zonke izifo? Qalis …
Read More »AmaSunnat EMasjid – 18
41. Ungayisebenzisi imali yomphakathi ukuze uhlobise iMasjid. Uma unesifiso sokwenza lokho, ungasebenzisa imali yakho kuphela ukuze uhlobise iMasjid futhi lokho kuhlobisa kumele kuhambisane nemithetho yeIslam. عن ابن عباس رضي الله عنهما قال قال رسول الله صلى الله عليه وسلم ما أمرت بتشييد المساجد قال ابن عباس لتزخرفنها كما زخرفت اليهود …
Read More »Ubungozi Bokukhuluma Kabi NgoHadrat Ali (radiyallahu anhu)
Ukwesaba Kwelizayo KukaHadrat Ali (radiyallahu anhu) UKumail bin Ziyaad ubika lokhu okulandelayo: Ngelinye ilanga kade ngiphelezela uHadrat Ali (radiyallahu anhu) ephumela ngaphandle kwedolobha laseKufa ehamba ebhekise eJabbaan (indawo engaphandle kwaseKufa engamakhaya). Ngenkathi sifika eJabbaan, uHadrat Ali wabhekisa ngasemathuneni wase wamemeza, “O bahlali basemathuneni! O bantu laba imizimba yabo esiyabola! O …
Read More »AmaSunnat EMasjid – 17
40. Bandakanya inhliziyo yakho neMasjid, kuchaza ukuthi uma uphuma emva kweSalaah eyodwa enza inhloso yokuphinde ubuye uzokwenza iSalaah elandelayo futhi uyilinde ngokuyilangazelele. عن أبي هريرة رضي الله عنه أن رسول الله صلى الله عليه وسلم قال ألا أدلكم على ما يمحو الله به الخطايا ويرفع به الدرجات قالوا بلى يا …
Read More »